Johannesburg - Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, izobamba umhlangano oyisipesheli wezinsuku ezintathu wekomidi eliphezulu eGoli, kanti kunamahlebezi athi uZwelinzima Vavi angase aphinde amiswe futhi.
ICity Press ngeSonto ibike ukuthi imithombo engaphakathi kwiCosatu itshele iphephandaba ukuthi kulindeleke amiswe futhi uVavi.
Phambilini uVavi wamiswa yiCosatu ngokujola nesisebenzi.
Wabuyela emsebenzini ngo-Ephreli 7
kulandela ukuba inkantolo inqume ukusiguqula isinqumo sokumiswa kwakhe.
Funda nalolu daba: 'Inqwaba yamathuba kwezokuthuthwa kwempahla kuleli.'
ICity Press iphinde yabika ukuthi ithimba elajutshwa yi-ANC ukuba lixazulule izinkinga zeCosatu selehlulekile ukwenza elabekelwa khona.
Kodwa okhulumela iCosatu, uPatrick Craven, ngoMsombuluko uthe zimbili izinto okuzokhulunywa ngazo emhlanganweni.
Kulindeleke ukuba ithimba le-ANC lethule
umbiko walo kanjalo noVavi ethule owakhe phambi kwekomidi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.