Izinsolo zakamuva ze-Alternative Information and Development Centre (AIDC) kanye nodaba olwashicilelwa yiMail & Guardian ngoSepthemba 19 ngomlando weLonmin nentela, “zingamampunge futhi ziyadukisa”, kusho le nkampani esitatimendeni.
"ILonmin iyikhokha ngokugcwele intela.”
OLUNYE UDABA: 'Thembekani ekukokheleni intela'
Izinsolo ezenziwe ngusomnotho kwa-AIDC, uDirk Forslund, “zingamanga”.
"Indaba yentela eLonmin ihlezi inakiwe kanti inkampani ayikaze angayilandeli imigomo yakuleli mayelana nokukhokhwa kwentela,” kuqhuba le nkampani.
Okhulumela iSA Revenue Service (Sars), u-Adrian Lackay, unqabile ukuphawula ngalolu daba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho