Share

INeasa ayikasisayini isivumelwano samaholo

Johannesburg – Izinyunyana eziyisithupha embonini yensimbi nezobunjiniyela zisayine isivumelwano samaholo neningi labaqashi ngoLwesibili, saphela isiteleka ebesesidonse amasonto amane.

Kodwa inhlangano eyodwa emele abaqashi, iNational Employers' Association of SA (Neasa), yalile ukusayina isivumelwano yathi ayibandakanywanga ezingxoxweni, ebezenganyelwe uMnyango wezabaSebenzi.

Ngaleyo ndlela, iNeasa, enamalungu angu-22 futhi enabasebenzi abalinganiselwa ku-70 000, isithembise ngokuthi izoqhubeka nokuvalela ngaphandle abasebenzi.

"Kusekhona ukungaboni ngasolinye, ngakho sisazobavalela ngaphandle abasebenzi,” kusho omele iNeasa, uJaco Swart.

Bangaphezulu kuka-200 000 abasebenzi abangaphansi kweNumsa embonini yensimbi nobunjiniyela ababeka phansi amathuluzi ngoJulayi 1, befuna - phakathi kwezinye izinto - ukunyuselwa amaholo ngo-12%.

Ngemuva kokusayina isivumelwano, uNobhala Jikelele we-National Union of Metalworkers of SA (Numsa) u-Irvin Jim utshele amalungu abo asebenza ebusuku ukuba aqhubeke nokubhikisha ngaphandle kwamahhovisi eNeasa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 573 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 816 votes
Vote
Rand - Dollar
18.89
+0.3%
Rand - Pound
23.87
+0.1%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE