Johannesburg - INational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) izohlangana namalungu ayo kubhungwe ngesiphakamiso esisha samaholo embonini yensimbi, kusho le nyunyana.
Okhulumela iNumsa, uCastro Ngobese, uthe inyunyana ibe nomhlangano oyisipesheli nobuhanjelwe ngabaholi babasebenzi nezinye izikhulu.
“Kulo mhlangano kuvunyelwene ngokuthi kuyiwe kubasebenzi nesiphakamiso esisha mayelana nesiteleka esiqhubekayo," esho esitatimendeni.
“Sicela amalungu ethu abuthelane ezindaweni ezihleliwe ukuze kuzokhulunywa nawo ngoMsombuluko ekuseni."
Angaphezu kuka-200 000 amalungu eNumsa abeka phansi amathuluzi ngoJulayi 1 efuna ukunyuselwa amaholo ngo-12% bese ethola nezibonelelo zemizi.
NgoJulayi 13 inyunyana yamemezela ukuthi seyehlele ku-10%.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho