Johannesburg - ISanral yacela ukuba nomhlangano noNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura ngodaba lwama-e-toll ngaphambi kokuba ajube ithimba, isho kanje ngoLwesithathu.
"Akulona iqinisiso ukuthi besingazimisele ngokuxoxa ngalolu daba lwama-e-toll,” kusho usihlalo we-SA National Roads Agency Limited, uDudu Nyamane, esitatimendeni.
"Sathatha igxathu elibalulekile sabeka umbonko wethu ngalolu daba,” usho kanje.
Funda olunye udaba: 'ISanral inezimfihlo ngezimali'.
"Saphinde sacela ukuba nomhlangano noNdunankulu ukuze siqonde kabanzi ukuthi yena umi kuphi ngalolu daba ngoba, ngokubambisana, singakwazi ukubhekana nezinselelo zokukhokhela ingqalasizinda ngaphandle kokuba kusetshenziswe izimali zomphakathi.
ISanral yathumela incwadi engamakhasi angu-8 kuMakhura ngaphambi kokuba ithimba elibheka ukusebenza kwa-e-toll libambe isigcawu.
ISanral ayizange yenze zethule phambi kwethimba.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.