Johannesburg - IStatistics SA izokwenza ucwaningo ngenhloso yokubheka izinga lobubha nokungalingani eNingizimu Afrika, isho kanje ngoLwesithathu.
Ucwaningo luzoqala ukwenziwa ngomhlaka 30 Okthoba 2015 kubantu abalinganiselwa kwabangu-35 00 abayizakhamuzi, kusho uNozipho Shabalala weStatsSA etshela izintatheli ePitoli.
Kuzoqoqwa imininingwane ngamaholo, imali yezindleko, imininingwane yezemfundo, ezezindlu, ezenhlalakahle, ezempilo, ububha kanye nezimo abaphila ngaphansi kwazo abantu.
Ucwaningo lokuqala lwenziwa ngo-2008 kuya ku-2009 emizini engu-25 075.
Ucwaningo olulandelayo bekulindeleke lwenziwe ngo-2013 kodwa lwangenziwa ngenxa yokungabikho kwezimali, kusho uShabalala.
Inhloso yocwaningi ukuba kubhekwe izinga lobubha nokungalingani
ukuze izwe likwazi ukubhekana nakho.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.