Cape Town – Inkampani yezokuxhumana iVodacom idalule ukuthi ukudilizwa kwabantu kule nkampani akuyona into entsha njengoba kuyingxenye yohlelo lwabo abajwayele ukulenza ukuqinisekisa ukusebenza kahle kwenkampani.
Okhulumela le nkampani uRichard Boorman uyichithile imibiko yabezindaba ethi le nkampani izodiliza izisebenzi ngenxa yokwehlelwa yinzuzo.
“Ukudilizwa nokuqashwa kwezisebenzi kwaVodacom kuyingxenye yokuqinisekisa ukuthi ibhizinisi lihamba ngihlelo.