Pretoria - Senyuke ngo-11.3% isibalo sentsha engasebenzi eNorthern Cape kanti lesi sibalo simi ku-8.8% eNorth West phakathi kuka-2008 kuya ku-2015, ngokombiko okhishwe ngabeStatistics SA ngoMsombuluko.
Lezi zibalo zinyuke kancane ebantwini abadala njengoba kungu-8.4 percent eNorthern Cape kanye no-4.5 percent eNorth West.
OLUNYE UDABA: Izimboni ezizimele zihlulekile ukudala amathuba omsebenzi
ILimpopo yisona sifundazwe esinesibalo esiphansi sentsha nabantu abadala abangasebenzi, kanti futhi yisona kuphela isifundazwe okwehle kuso isibalo sabantu abangasebenzi.
Lo mbiko uqhuba ngokuthi mancane kakhulu amathuba omsebenzi avulekayo eLimpopo.
Uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe, siphezulu kakhulu isibalo sokuqasheka kwentsha nabadala eGauteng naseWestern Cape.
Lokhu kungenxa yamathuba omsebenzi akhona kulezi zifundazwe.