Johannesburg – Intela kaphethiloli ayisiyona indlela engasiza ekungeniseni imali yokulungiswa kwemigwaqo emikhulu eGauteng, kusho iConsulting Engineers SA (Cesa) ngoLwesine.
"Intela kaphethiloli izothwesa abantu omunye umthwalo... kuze kube manje imigwaqo ayikazuzi lutho ngentela yaphethiloli,” kusho imenenja yeCesa, uWallace Mayne, eMidrand, ngesikhathi iCesa yethula umbono wayo ngokusebenza kwama-e-tolls nomthelela wawo emphakathini.
Yinto engelula ukuthi isifundazwe saseGauteng silindele ukuba intela kaphethiloli isebenze ekulungisweni kwengqalasizinda yomgwaqo, njengoba kwazeka ukuthi imali yentela kaphethiloli yenza eminye imisebenzi.
"Uhlelo lwama-e-toll yilona kuphela olungasebenza kahle ekungeniseni imali yokulungiswa kwemigwaqo, usho kanje"
ICesa iyinhlangano emele izinkampani enzingaphezulu kwezingu-500 zobunjiniyela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.