Johannesburg – Inkampani yamabhanoyi enamanani aphansi, iSkywise, isinikeze amakhasimende ayo ithuba lokundiza noma ikangaki ngenyanga phakathi kweGoli neKapa, ngemali engu-R7999.
Le nkampani ithi inethemba lokuheha abagibeli abangu-1 000 ngenyanga ngalesi sipesheli njengoba abangu-200 sebezibophezele, kusho uSihlalo weSkywise uJay Malik.
OLUNYE UDABA: Uhoxile ummeli weVelvet Sky
ISkywise ihlose ekuheheni amakhasimende athatha uhambo oluphathelene nebhizinisi phakathi kwala madolobha womabili.
Le nkampani inamabhanoyi amane ahamba phakathi kwala madolobha ngosuku.