“Inkantolo iyalele ukuba uMotsoeneng amiswe ngokushesha emsebenzini njengoba kusalindwe uhlelo lokuthi aqondiswe izigwegwe,” kusho ilungu leDemocratic Alliance uGavin Davis.
OLUNYE UDABA: Kumele axolise uMotsoeneng - DA
"Kumele uhlelo lokuqondiswa izigwegwe lwenziwe zingakapheli izinsuku ezingu-60 futhi kumele luholwe ngumuntu ozimele.”
I-DA yababela enkantolo ifuna kuhoxiswe ukuqokwa kukaMotsoeneng njengeChief Operating Officer.
Kwake kwavela ngaphambilini ukuthi uMotsoeneng akanaso isitifiketi sikamatikuletsheni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter