Johannesburg – Izidingo zentela yamabhizinisi amancane namakhulu kudingeka zihambisane nalezo zikahulumeni, kusho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amancane uLindiwe Zulu ngoLwesibili.
"Intela ibalulekile ezweni, labo abasemabhizinisini nabadinga ukusizwa uhulumeni kumele bakuqonde ukuthi imali ingena ngentela," usho kanje ekhuluma nabezindaba kwi-SMME policy colloquium eGoli.
Funda nalolu daba: INumsa ithi izolwisana nokuxoshwa kwiCosatu.
"Kodwa kumele sibhekane nomthwalo wentela abakhala ngawo osomabhizinisi,' usho kanje.
Uhulumeni uyakuqonda ukukhathazeka kwabo, kodwa ngeke kwalunga lutho uma osomabhizinisi abancane bengayikhokhi intela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.