Johannesburg – Irandi lehle lafinyelela ezingeni eliphansi kakhulu selokhu kuqale isonto uma liqhathaniswa nedola laseMelika ngoLwesibili ekuseni, njengoba ezinye izinkomba zithi lokhu kudalwa ukwehla komnotho wakulelizwe nawukuthi yiholidi eMelika.
IRandi lehle ngo-0.26% lafinyelela ku-R10.7065/$ ngo-07:55, nokuyizinga eliphansi kakhulu kusukela ngo-Agasti 6, ngemuva kokuba livale lingu-R10.6785 eNew York.
IRandi lintengantengile ngesikhathi kuqala uhwebo ngemuva kokungenzi kahle ngoMsombuko njengoba izimakethe zaseMelika zivalile kuyiholidi leLabour Day.
Izibalo okulindeleke zikhishwe ngoLwesibili zingase zenze lehle futhi iRandi nokuyinto engase ikhuphule idola laseMelika.
Lapha ekhaya, ukuthengwa kwezimoto kwehle ngo-1.4%, izibalo ezikhishwe ngoMsombuluko zonyaka zikhomba ingcindezi i-Afrika ebhekene nayo kwezomnotho.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.