Cape Town - Inkampani ephakela izwe ngogesi, u-Eskom, uqale ukucima ugesi ngaphansi kukaStage 1 kusukela ngo-06:00 kanti kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuze kube ngu-22:00 kusihlwa.
Lo mnyakazo ulandela owangoLwesithathu lapho le nkampani iphoqelekile ukuthi icime ugesi ngaphansi kukaStage 2 noStage 3 ngenxa yomthamo obumncane kagesi.
OLUNYE UDABA: Uzocima futhi ugesi nanamhlanje - Eskom
U-Eskom umise uStage 3 ngo-21:11 ngoLwesithathu ebusuku.
Ukucima kukagesi kubangelwa ukulungiswa kweziphehli zikagesi kanye nesiteleka sabasebenza eMedupi.
NgoLwesine, le nkampani ithe ugesi ungaphansi kwengcindezi ngenxa yokuthi kuhamba kancane ukuphehlwa kwawo.