Izibalo zithi bangu-220 000 abantu abadala kuleli abakhuluphele ngokweqile.
"Ukufaka intela ka-20% kulezi ziphuzo, lokho kungaholela ekutheni lehle izinga labantu abadla ushukela, nokuchaza ukuthi lingehla ngo-3.8% no-2.4% izinga lokukhuluphala kwabesilisa nabesifazane," kusho umcwaningi uMercy Manyema, esho esitatimendeni ngoLwesine.
UManyema uthe kungumsebenzi kahulumeni ukuthi uvikele abantu bakuleli.
"Uma kufakwa le ntela lokho kungase kugqugquzele abantu ukuthi baqhelelane noshukela," esho.
Lolu cwaningo lwenziwe yizifundiswa zale nyuvesi, umbiko wase ushicilelwa emqulwini i"Plos One" ngoLwesibili.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter