Cape Town - Lesi yisikhathi sokujabula, lapho lonke usuku lufana nempelasonto. Abantu bayakhuthazwa ukuba bangachithi imali baze baswele eyokuyisa izingane esikoleni ngonyaka ozayo
1. Shiya amakhadi akho ekhaya
Uma uya ebumnandini namakhadi akho, lokho kudala ukuthi
ulokhu uklwebhe njalo ngisho isiphelile imali obuzibekele yona ukuthi uzoyisebenzisa.
2. Yenza isabelomali
Phuma ekhaya uzinqumele imali ozoyidla.
3. Musa ukuba “uPhaka Joe”
Lokhu kukwenza ubukeke njengesilima esifuna ukunakwa – amantombazane awamfuni umfana onjalo.
4. Kungcono ukuzijuxuzela ekhaya
Ukuzenzela ubumnandi ekhaya kungcono kakhulu kunokuya
ekilabhini.
Isibonelo nje: isiphuzo sisodwa sibiza imali elinganiselwa ku-R40 ezindaweni
zobumnandi, uma ungengeza ngo-R20 ungazitholela i-six pack uzihlalele ekhaya.
Uma usuweqisile ezinkambeni kuba lula ukuthi uziphonse embhedeni uma ubudlela ngasekhaya.
5. Uma abangani befuna utshwala, akuhlanganiswe
Akumele njalo wena uhlezi udizela abangani ngotshwala. Bona
imali yabo bayisebenzisela izinto ezisile njengokuthenga ukudla bese bezophuza
eyakho.
Umbiko owe-Sowatan.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter