Johannesburg - Izinkulungwane zabasebenzi bakwa-Eskom zinqatshelwe ukuba zingene lapho kwakhiwo khona isikhungo esiphehla ugesi iMedupi.
Balinganiselwa kwabangu-20,000 abasebenzi bakwa-Eskom eMedupi abavalelwe ngaphandle ngoLwesine kulandela isiteleka sosuku olulodwa, lapho abasebenzi bekhala khona ngezimo ezingezinhle abahlala ngaphansi kwazo befuna nokwenyuselwa amaholo, kusho isikhulu senyunyana sitshela abeReuters
Funda nalolu daba: Bangenele isiteleka sosuku abakwa-Eskom.