"Uma abantu bebona umuntu omnyama osephumelele, bacabanga ukuthi impumelelo yakhe ihlangene nenkohlakalo noma udlelana ne-ANC,” kusho uMantashe enkomfeni yeBlack Management Forum, eGoli.
Uthe osomabhizinisi abamnyama babukelwa phansi benjalo nje badlelwa umona.
OLUNYE UDABA: I-ANC ihalalisela osomabhizinisi ngokusiza umphakathi
Wenze isibonelo ngenkampani kaSekela Mengameli uCyril Ramaphosa, iShanduka.
Le nkampani inengxenye yamasheya enkampanini yezimayini iLonmin, kepha kwathi uma izinto sezibheda kule mayini, kwagxekwa uRamaphosa kakhulu.
Uthe uma kusenabantu abangabafiseli abanye okuhle, ngeke liye ndawo izwe.
Ube esegxeka osomabhizinisi abanomona nolwazi asebelutholile, abangafuni ukudlulisela kwabanye.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho