Johannesburg – Inyunyana yeNational Education Health ne-Allied Workers
(Nehawu) isimemezele ukuthi izofuna kukhushulwe amaholo ngamaphesenti angu-15
kuzo zonke izinhlaka.
Ngokombiko we-Fin24 le nyunyana imemezele lokhu
ngoLwesithathu kanti iphinde yaveza ukuthi izoqala imibhikisho mayelana
nezimfuno zayo nangendlela ezisebenza ngayo kuhulumeni kuleli sonto.
OLUNYE UDABA: Kuteleke abeNehawu - Umbiko
Kubikwa
ukuthi iNehawu ikhiphe isitatimende lapho iveze ukuthi ezempilo kuleli
zibhekene nengcindezi ngenxa yokuthi uhulumeni uthembele kakhulu ekudluliseni
umsebenzi kwabanye.
Okunye okuthiwa kuveswe yilesi sitatimende wukuthi amalungu
ayo afuna imali engango-R3 000 wesephulelo sezindlu.
Le nyunyana yesabise ngokuba
nokhukhulela ngoqo uma izimfuno zayo kuhlangabezanwa nazo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho