isiZulu

Kulimale 5 emayini yaseHarmony

2012-12-20 14:44
Johannesburg - Kulimale abavukuzi abayisihlanu ngesikhathi behilizisana nobogada emayini yeHarmony Gold, eKusasalethu, ngaseCarletonville, kusho le nkampani ngoLwesine.

"Kube nodlame kwalimala nempahla yemayini ekuseni," kusho okhulumela inkampani uHenrika Basterfield.

Uthe abasebenzi abangu-578, okubalwa nabayitoho, baxoshwa ngemuva kokuba yingxenye yesiteleka esingekho emthethweni ngesonto eledlule.

NgoLwesine, kulimale abasebenzi ngesikhathi onogada bedubula ngezinhlamvu zenjoloba kusuka izibhelu.

"Kuzomele sivalele amaholidi ngaphambi kwesikhathi."

Isikhulu seHarmony uTom Smith uthe ngeke balubekezelele udlame kule mayini.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


SAPA

Ezinye izindaba e- Ezamabhizinisi

«Emuva