"Ukwehla kwamanani kawoyela okulindelekile, ngokwezibalo, kungase kube ngokukhulu kakhulu emlandweni. Nakuba irandi lintengantenga uma liqhathaniswa nedola laseMelika,” kusho i-AA esitatimendeni.
Kulindele ukuba uphethiloli wehle ngo-105c kuya ku-107 cents ilitha kuthi amanani kadizili wona ehle ngo-85 cents ilitha ngokwezibalo zakamuva, kusho i-AA.
Funda nalolu daba: Angeke ucishe ugesi kuze kushaye uJanuwari - Eskom.
Upharafini ukhombisa ukuthi ungase wehle ngo-90 cents ilitha.
I-AA ibiphawula ngezibalo zakamuva ezingacwaningiwe zamanani kawoyela ezikhishwe yiCentral Energy Fund.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.