Rustenburg – Izinkampani ezikhiqiza igolide zizothola impendulo kwizinyunyana ezintathu zabasebenzi ngemuva kokuqhubeka kwezingoxo zamaholo ezibanjelwe eBoksburg e-East Rand ngoLwesithathu.
INational Union of Mineworkers (NUM), Solidarity kanye ne-United Association of South Africa (Uasa) basamukele ngemibandela isiphakamiso se-AngloGold Ashanti, Evander Gold Mines, Harmony neSibanye Gold.
Funda nalolu daba: Kwenziwa uphenyo ngezinombolo ze-lotto
Okhulumela i-Uasa, uFranz Stehring, uthe inyunyana isamukelile isiphakamiso sabaqashi ngombandela wokuthi asikho isidingo sokuba umqashi ahlele kabusha isiphakamiso noma enze ezinye izinguquko.
“Sibatshele ukuthi sizosamukela isiphakamiso inqobo nje uma kungeke kwenziwe izinguquko ezithile…kukhona isiphakamiso esisifakile,” usho klanje.
UDr Elize Strydom, okhulumela iChamber of Mines, uthe badumele kakhulu ngokuthi isiphakamiso sabo asamukelwanga kodwa zonke izinhlangothi zivumile ukuqhubeka nezingxoxo.
- ANA
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.