isiZulu

Kungase kuphasiswe isibonelelo sabangasebenzi

2012-12-20 12:53
Bloemfontein - Kulindeleke ukuthi i-ANC iphasise ukukhishwa kwesibonelelo sentsha engasebenzi nokungase kubize imali elinganiselwa ku-R30 billion ngonyaka.

Uma lokhu kuphasiswa, kuzobeka ku-18 million isibalo sabantu abathola izibonelelo kuhulumeni kuleli.

Lezi zibonelelo ziphikisana ne-wage subsidy njengoba le mali izonikezwa labo abangasebenzi ezandleni kunokuthi inikezwe abaqashi.

Ucwaningo oluningi luveza ukuthi uma ungawutholanga umsebenzi usemncane, aba mancane kakhulu amathuba okuthi uwuthole ngokuhamba kwesikhathi.

Isiphakamiso sithi lesi sibonelelo sizoba ngu-R450 ngenyanga.

Umbiko ogcwele ngalolu daba usazolandela.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Finance24

Ezinye izindaba e- Ezamabhizinisi

«Emuva
Ad:iWYZE 100% Buildings No-Claim Reward