isiZulu

Kungase kuteleke abasebenzi bakamasipala

2012-07-05 14:09
Durban - Njengoba sezingenele osukwini lokugcina izingxoxo mayelana namaholo abasebenzi bakamasipala, izinyunyana zithi akukho lutho olubambekayo abangathi baphuma nalo, kubika iNewswatch.

Izinyunyana iSAMWU ne-IMATU, bahlangene neSouth African Local Government Association eThekwini mayelana nalolu daba, bathi uma kungahambi ngendlela bazophoqeleka ukuba bagcwale izitaladi.

Abaxazululi baphakamisa ukuthi abasebenzi banyusele abasebenzi imiholo ngo-6,5% ngonyaka wezezimali ka-2012/2013.

Izinyunyana ziyakuhlaba lokhu njengoba bethi bafuna ukunyuselwa imali ngo-10% kuya phezulu.

OweSAMWU uTahir Sema ukhala ngokuthi izimenenja zikamasipala zinyuselwe imiholo ngo-27%.

"Izingxoxo azihambi njengokwezifiso zethu ngakho-ke sithanda ukuthi umqashi abuyekeze isiphakamiso sakhe."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


News24

Ezinye izindaba e- Ezamabhizinisi

«Emuva
Ad:Funeral Cover from R29/m