Moscow - Inhlangano evikela amalungelo amakhasimende eRussia ithe izoyisa inkampani yakwaMcDonald enkantolo ngoba ithengisa ukudla okunamafutha kanye nama-carbohydrates amaningi kunesikalo esivunyelwe, kubike iSowetanlive.
Ngemuva kweminyaka eminingi inkampani yakwaMcDonald yaqala ukusebenza kuleliya lizwe, ingase ivalwe.
Inhlangano yaseRussia evikela amakhasimende ngoLwesihlanu ithe izoyisa inkampani yakwaMc Donalds enkantolo ngenxa yokuthi le nkampani yenza okuphambene nomthetho.
Lokhu kuze ngemuva kokuba kunokungezwani kahle phakathi kweMoscow neWashington ngodaba lwase-Ukraine.
Kubonakala sengathi ukuyiswa kwenkampani yakwaMcDonald enkantolo kuhlobene nokungezwani okukhona phakathi kwala mazwe njengoba uMcDonald ungowaseMelika.
Okwamanje akucaci kahle ukuthi uma le nkampani itholakala inecala izonikwa siphi isigwebo.
Esehlakalweni esifuze lesi, esenzeka phambilini, izinkampani ezimbili zahlawuliswa u-70 000 rubles ($2,100).
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.