Johannesburg – Kuphenywa isikhulu esiphezulu sakwaTelkom, uSipho Maseko, ngemuva kwemibiko ethi siyathinteka odabeni lokuthengwa kwamalayisense ezimoto angumgonyathi, kusho idolobha laseGoli ngoLwesihlanu.
"Zonke izinsolo ezingoMaseko ziphenywa ngamaphoyisa kamasipala waseGoli,” kusho okhulumela idolobha, uNthatisi Modingoane.
Akazange adalule ukuthi amaphoyisa amphenya ngaliphi ngempela icala.
"Zonke izinsolo abekwa zona ngodaba lwamalayisense, uzophenywa ngazo amaphoyisa kamasipala ngoba idolobha ngokwalo alinazo izinhlaka zokuphenya,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa kamasipala waseGoli uChief Superintendent Wayne Minnaar uthe loludaba akulona olomphakathi.
"Wonke amacala okwephulwa kwemithetho yomgwaqo abhekene nomuntu ngamunye, aphakathi kwalowo muntu noMbuso. Loludaba Luyoze luvele emphakathini uma kwenzeka luyiswa enkantolo.
NgoLwesihlanu iThe Star ibike ukuthi uMaseko ubehamba ngemoto ene-number plate yenye imoto, okuthiwa isetshenziswa ngusomabhizinisi, uMabena Motshoane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).