Isikhulu esisha enkampanini uRichard Brasher, uthi inzuzo i-Earnings Per Share (EPS), ikhule yaya ku-136.46 cents ekupheleni kwenyanga kaMashi, isuka ku-109.61c, ngonyaka owedlule.
UBrasher, owabe eyisikhulu enkampanini ezinze e-United Kingdom, iTesco, waqala umsebenzi wakhe kwaPick n Pay ngonyaka owedlule.
Engena kule nkampani, umnotho wakwaPick n Pay wawushona phansi, ekungeneni kwakhe waguqula izinto wakhipha abaphathi abangu-400 ezikhundleni.
Umsebenzi wePick n Pay ukhule ngo-6%, kwazuzwa imali engu-R63.7bn.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.