Johannesburg – Abashayeli bezimoto bazoke bathole ukuphefumula kangcono kusukela ngoLwesithathu njengoba amanani kaphethiloli ezokwehla.
Amanani azozonke izinhlobo zikaphethiloli azokwehla ngo-22 cents ilitha kusukela phakathi kwamabili, mhlaka 4 Okthoba 2015.
Funda nalolu daba: Angase enyuke kakhulu amanani okudla
Amanani kadizili wona azokwehla phakathi kwamasenti angu-9 nayishumi ilitha.
Ukwehla kwamanani kubangelwe ukuqina kwerandi kulezi zinsuku kanye nokwehla kwamanani kawoyela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.