Johannesburg – Inkampani yomakhalekhukhwini i-MTN imemezele ukusula emsebenzini kwesikhulu sayo eNingizimu Africa u-Ahmad Farroukh obeChief Executive Officer ngokusho kombiko.
Le nkampani idalule ukuthi lesi sikhulu sizogcina emsebenzini ngomhlaka 31 kuJulayi 2015.
“Lesi bekuyisinqumo esinzima ku-Ahmad, kodwa ebekungelula sizibeke ngenxa yezizathu ezithinta impilo nomndeni wakhe,” kusho uMendameli wale nkampani uSifiso Dabengwa.
OLUNYE UDABA: UTelkom uzophikisa abazama ukumisa eyokudilizwa kwabasebenzi
Ukusula kukaFarroukh kuqhamuka ngemuva kwesiteleka sale nkampani esesiqhubeke amasonto amabalwa esiholwa yinyunyana iCommunicatio Workers Union.
Ukusula kukaFarroukh
kukhombisa ngokusobala ukuthi le nkampani enkulu yomakhalekhukhwini e-Africa
iyahluleka ukugcina abaqhoqhobele isikhundla seChief Executive Officer
eNingizimu Afrika.
UFarroukh uthathe izintambo kulesi sikhundla ngo-Agasti 2014 ngemuva kokwesula kukaZunaid Bulbulia.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho