Share

Kuvulwe amahhovisi akwaFacebook eGoli

Johannesburg – Inkundla yokuxhumana ehamba phambili emhlabeni iFacebook ivule amahhovisi ayo okuqala ezwenikazi i-Afrika ngenhloso yokusiza osomabhizinisi baxhumane ngqo namakhasimende futhi bakhulise izinkampani zabo. 

Ngokubika kweSowetanlive la mahhovisi ale nkundla yokuxhumana avulwe eMelrose Arch ngaseRosebank kanti ozoholwa yisikhulu esaziwayo uNunu Ntshingila oseqhoqhobele isikhundla sokuba yiFacebook Head of Africa.

“Kuyasikhuthaza ngendlela abantu namabhizinisi ase-Africa asebenzisa ngayo iFacebook ukuxhumana nabantu.

OLUNYE UDABA: U-Eskom uxwayisa ngeSonto elimnyama

IFacebook isalokhu iqhubeke njalo nokukhula emhlabeni kanti nezwekazi i-Afrika ikhombisa ukukhula ngamandla ukusebenzisa le nkundla,” kusho uNicola Mendelsohn oyi-VP EMEA kwaFacebook.

“I-Afrika ibalulekile kakhulu ku-Facebook kanti ukuvulwa kwala mahhovisi kuwuqondo ophusile ukuthi sibe ngqo nabantu abasebenzisa le nkundla ukuze sikwazi ukubasiza ngedingo ezahlukene ikakhulukazi ekukhuliseni amabhizinisi abo.”

Kubikwa ukuthi le nkundla izogxila ekukhuleni emazweni afana noKenya, Nigeria neNingizimu Afrika kanti amanye amazwe azosizakala ngalokhu kubalwa iSenegal, Ivory Coast, Ghana, Tanzania, Rwanda, Uganda, Zambia, Mozambique ne-Ethiopia.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 864 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 900 votes
Vote
Rand - Dollar
19.17
-0.3%
Rand - Pound
23.84
-0.2%
Rand - Euro
20.48
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
920.20
+0.0%
Palladium
1,023.50
-0.2%
Gold
2,315.99
-0.3%
Silver
27.13
-0.6%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,425
+0.6%
All Share
74,397
+0.5%
Resource 10
59,627
+0.0%
Industrial 25
103,976
+1.1%
Financial 15
15,911
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE