Johannesburg – Inkampani ephehla iphinde iphakele ugesi kuleli u-Eskom umemezele ukuthi izoqala ukusebenzisa uStage 2 wokucima ugesi kusukela ngo-10:00 ngeSonto ekuseni.
"Lokhu kungenxa yokushoda kukagesi ophehliwe neziphehli ezilungiswayo nezingasebenzi ngendlela,” kusho le nkampani.
Ukucima kukagesi kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuze kube u-22:00.
OLUNYE UDABA: Ungase uphoxe ugesi kuleli Phasika
U-Eskom uthi uthanda ukutshela amakhasimende ukuthi inkampani icima ugesi kuphela uma kungasekho okunye engakwenza.
Ube usucela abantu bakuleli ukuthi basebenzise ugesi ngendlela enokonga.