isiZulu

Kuzolalelwa umphakathi ngamanani kagesi

2012-08-02 12:07
Cape Town - AbeNational Energy Regulator of South Africa bathi bazobamba imihlangano namalungu omphakathi ezweni, ukudingida ngodaba oluthinta ukwenyuswa kwamanani kagesi, okuzokwenziwa ngo-Ephreli 2013, kubika i-Eyewitness News.

Emasontweni amabili azayo, iNersa kulindeleke ukuthi yamukele isicelo sokwenyusa amanani esivela kwa-Eskom.

Okhulumela inkampani i-Eskom uHillary Joffe uthe ukwenyuswa ngendlela kwamanani kagesi kubalulekile njengoba umnotho untekenteke.

“Njengezwe kubalulekile ukuthi sakhe iziphehli ezintsha zikagesi kuze kuzobhekelwa ikusasa”

Okhulumela uMnyango wezaMandla uMatthew Bantsijang uthe amanani kagesi wakuleli mahle kakhulu uma eqhathaniswa nakwamanye amazwe asathuthuka.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

News24

Ezinye izindaba e- Ezamabhizinisi

«Emuva
Ad:iWYZE 100% Buildings No-Claim Reward