Johannesburg – Inkundla yomjaho wezimoto esezinkingeni yezikweletu, iKyalami, esike yasingatha imijaho emikhulu okubalwa kuyona ne-Ayrton Senna, izodayiswa esidlangalaleni eHyde Park, eGoli, ngoLwesine.
IFarm Bothasfontein, edume ngeleKyalami, ingu-72 hectare ubukhulu kanti iseMidrand.
Inkampani iHigh Street Auction Co, okuyiyona enikwe umsebenzi wokuthengisa le nkundla, ithe iKyalami izoba yinkundla yokuqala yomjaho wezimoto ukuthengiswa esidlangalaleni kuleli lizwe.
NgoLwesine olwedlule, enye yezimenenja zenkampani, uLance Chalwin-Milton, yathi ukudayiswa kwale nkundla kuzoqhubeka, ngemuva kokuchithwa kwesicelo esiphuthumayo esafakwa enkantolo ngenhloso yokuvimbela ukuthengiswa kwayo.
Bangu-11 abantu abafake izicelo enkantolo bethi banamalungelo athile kule nkundla, kodwa izicelo zabo zachithwa.
Inkantolo yayalela ukuba kuqhubeke ukuthengiswa kwale nkundla, kodwa imali yokuthengiswa kwayo isizoqala ku-R200m hhayi ku-R129m obewubekiwe phambilini.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).