Johannesburg - USihlalo weSanral, uTembakazi Mnyaka, usefake incwadi yokwesula esikhundleni esebenzela le nhlangano, kusho uMnyango wezokuThutha ngoLwesine.
"Ungqongqoshe uDipuo Peters uthole incwadi yokwesula kwakhe njengosihlalo webhodi leSouth African National Roads Agency Limited [Sanral]," kusho okhulumela uMnyango uTiyani Ponto-Rikhotso esitatimendeni.
"Encwadini ebhalelwe uPeters, uMnyaka ubalule ukuthi ukwesula kwakhe kuchaza ukuthi ufuna ukukhululwa ngokushesha emsebenzini abewenza, wathi izizathu zalokhu ziyimfihlo."
UPeters ukwamukele ukwesula kwakhe wase emfisela okuhle kodwa lapho eya khona.
"Ngithanda ukubonga uMnyaka ngemizamo ayenzile ukuqinisekisa ukuthi iSanral iyaqhubeka nomsebenzi ebekelwe wona, nokungukuqinisekisa ukuthi ezemigwaqo kuleli zisezingeni elifanele," kusho uPeters.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter