Johannesburg - Sehle safinyelela ku-25% isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika, sisuka ku-26.4 % ngezinyanga ezintathu zokuqala konyaka, kusho izibalo ngoLwesithathu.
IStatistics SA ikhiphe umbiko wayo wekota lesibili lonyaka yaveza ukuthi bangu-5.23 million abantu abangasebenzi kuleli ngekota yesibili yonyaka uma kuqhathaniswa no-5.535 million wekota eyedlule.
OLUNYE UDABA: Lehlile izinga lemisebenzi
Lo mbiko uqhube ngokuthi kulaba abangasebenzi kubalwa nalabo asebeponse ithawule ekufeseni.
Izinga lokungasebenzi likhulu kakhulu kubantu abasha kuleli.