Johannesburg – Izinga lokuqashwa kwabantu embonini yezicathulo neyendwangu yesikhumba lenyuke ngo-5% phakathi kuka-2012 no-2014, kusho uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni, uRob Davies ngeSonto.
"Esikubonile ukuthi lezi zimboni zikhombise ukuzinza,” usho kanje ngesikhathi ehambele iHouse of Monatic, eKapa.
Uthe ukukhula komnotho walezi zinkampani kwenze imboni yazinza kwabalula ukuba kuvulwe ezinye izinkampani ezingu-11 ezintsha.
"Ngaphansi kohlelo lokweseka izimboni sikwazile ukusiza ngengxenye yemali yohlelo engu-R2.46bn saphinde sasiza ngenye engu-R645m ezinhlelweni zokwakha ukuncintisana okuhle,” kusho uDavies.
Uthe lemboni iseqhulwini kuhulumeni.
"Ngaphezulu kwalokho, ngezinhlelo zokweseka amabhizinisi sikwazile ukweseka umkhandlu wendwangu kazwelonke ngo-R33m, imboni yezicathulo neyendwangu yesikhumba ngo-R79m neyakotini ngo-R120m," usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.