Johannesburg - Abantu bakuleli bangalindela ukucima kukagesi yonke le minyaka emithathu ezayo, kusho uNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uLynne Brown.
Ukusho lokhu vele u-Eskom uyahluleka ukumelana nomthamo kagesi odingwa abantu bakuleli njengoba usubuyele ekucimeni ugesi ngezigaba.
OLUNYE UDABA: U-Eskom uzocima ugesi ngaphansi kukaStage 1
Isiphehli senuzi sokuqala kuleli kulindeleke ukuthi sengeze ugesi ongu-900 megawatts kugesi wakuleli uma sesiqediwe ukwakhiwa ngasekupheleni kukaMeyi.
Kumanje le nkampani imemezele ukuthi izocima ugesi ngaphansi kukaStage 1, lokhu kwenzeke kusukela ngo-16:00 kanti kulindeleke ukuthi kuqhubeke kuze kube ngu-22:00.