Johannesburg – Ikomidi elizobheka ukusebenza kohlelo lwama-e-toll eGauteng lizohlangana okokuqala namhlanje ngoLwesine, kusho uhulumeni wesifundazwe.
UNdunankulu uDavid Makhura ngoLwesine olwedlule wamemezela amagaba abayishumi abazoba yingxenye yekomidi elizoba namalungu angu-15.
UMakhura wathi: "Uma ikomidi selihlangana...sizodingida izinto ezizosiza umphakathi."
Umhlangano uzoqala ngokuthi abezindaba bathwebule izithombe bese ikomidi liyaqhubeka nomsebenzi walo wokudingida olwama-e-toll.
Amalungu ekomidi : uMuxe Nkondo, Patricia Hanekom, John Ngcebetsha, Vuyo Mahlathi, Luci Abrahams, Fiona Tregenna, Anna Kokgokong John Sampson, Lauretta Teffo, noChris Malikane.
UMakhura wathi amanye amalungu amahlanu azobuye amenyezelwe..
Ikomidi
kulindeleke ukuba lethule umbiko zinyanga zonke, bese umbiko wokugcina kanye
nezincomo kwethulwe esishayamthetho saseGauteng ngaphambi komhlaka 30 Novemba
2014.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.