"Mancane kakhulu amathuba okucishwa kukagesi namhlanje. Izinto zibukeka zihamba kahle okwamanje. Ugesi uyocinywa kuphela uma kunesidingo,” kusho okhulumela le nkampani u-Andrew Etzinger.
OLUNYE UDABA: Kusazoqhubeka ukucishwa kukagesi - Eskom
Kula masonto ambalwa edlule, le nkampani ibibhekene nenkinga yokuzama ukugcina izibani zikhanya kusukela kwawa umbhoshongo wokugcina amalahle eMajuba, eMpumalanga.
Ngesonto eledlule, u-Eskom waphoqeleka ukuba ucimele izindawo eziningi ugesi ngenxa yengcindezi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho