Cape Town – Inkampani ephehla iphinde iphakele leli ngogesi, u-Eskom, isixwayise ngokuthi aphezulu amathuba okuthi kucime ugesi phakathi kuka-06:00 no-22:00 ngoLwesihlanu.
Lokhu kungemuva kokuvelelwa yinkinga kwezinye iziphehli zabo ngoLwesine ebusuku.
Lesi sikhondlakhondla sithi lokhu kunciphise umthamo kagesi ophehliwe, kwase kunyusa amathuba okuthi kucishwe ugesi ngokwezigaba.
OLUNYE UDABA: U-Eskom usuqalile ukucima ugesi
U-Eskom uphinde waxwayisa amakhasimende ngokusebenzisa ama-air conditioner ngokweqile njengoba ilanga likhipha umkhovu etsheni ezingxenyeni eziningi zezwe.
Ugesi usucishe isikhathi esingamahora amabili nje vo kulezi zinsuku ezingu-61 ezedlule.
U-Eskom uthi amakhasimende kumele azi ukuthi ugesi ucishwa kuphela uma kunesidingo ukuze kuqinisekiswe ukuthi kongiwa ugesi wezinsuku ezilandelayo.