Cape Town – Abasebenzi bakwa-Eskom ngeke bawanuke amabhonasi kulo nyaka, kusho okhulumela le nkampani uKhulu Phasiwe ngoMsombuluko, ophinde wathi i-AGM izoba ngesonto lokuqala lenyanga ezayo.
“Kuyiqiniso ukuthi ngeke siwakhiphe amabhonasi,” usho kanje kwiFin24.
“Ngeke kube kuhle ukuba ukukhipha amabhonasi uma singenayo imali, ikakhulukazi ngalesi sikhathi.”
Funda nalolu daba: Babuyela emsebenzini abakwa-MTN
“INersa yathi sidniga ukulungisa izinto,” kusho kanje.
“Asinayo imali futhi futhi asikwazanga ukufinyelela kulokho abesizibophezelekhona.”
UPhasiwe uthe unethemba lokuthi lokhu kuzodlulisa umyalezo oqinile wokuthi i-Eskom uzibophezele ukulungisa izinto.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.