Johannesburg - Umndeni wakwaGupta, ongundabamlonyeni, nekwaziwa ukuthi unobungani noMengameli wezwe uJacob Zuma, ungase ubhalise inkampani yezimayini yase-Ukraine, ngaphansi kweJohannesburg Stock Exchange (JSE).
Umbiko ukhishwe ngabezindaba zeBeeld, ngoMgqibelo.
Funda nalolu daba: INingizimu Afrika ihlulwa ukubonga - Gupta
NgoLwesihlanu, abakwaGupta, bazobhalisa inkampani yabo i-Oakbay Resources and Energy.
I-Oakbay Resources yiyo ephethe inkampani iDominium, ezofakwa ngaphansi kwe-JSE.
Indodana kaZuma uDuduzane, ungumqondisi kwenye yezinkampani ezingaphansi kwe-Oakbay Resources.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.