Barcelona - Uma umsunguli wenkampani eqhuba kahle kakhulu emhlabeni wonke jikelele uMark Zuckerberg ekubonisa ngomsebenzi kufanele uqiniseke ukuthi uyalalela.
Isikhulu esiphezulu senkampani uFacebook uMark Zuckerberg, 30, udalule ngakudingayo emuntwini angamqasha ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yeMobile World Congress ebibanjelwe eBarcelona kuleli sonto, kanti impendulo yakhe ibisobala.
UZuckerberg uthe: "Ngiqasha umuntu ongasebenzela mina uqobo futhi nami engingamsebenzela. Lena kuyindlela enhle yokuzivivinya kanti futhi ngibona sengathi iyangisebenzela kakhulu."