Johannesburg - UBongiwe Pityi uqokelwe kwesokuba yimenenja enkulu e-OR Tambo International Airport, kusho i-Airports Company SA (Acsa) ngoMsombuluko.
"Angikungabazi ukuthi ngizobhekana nezinselelo, kodwa nakuba kunjalo nginokuzethemba ngenxa yesipiliyoni seminyaka emibili ngisebenza eBrazil ngoba ngafunda okuningi okuzoqinisa amava ami ngikwazi ukwenza okuhle enkampanini,” kusho uPityi esitatimendeni.
UPityi ungowesifazane wokuqala ukuqokelwa kulesi sikhundla.
Wayengumholi esikhumulweni sezindiza esikhulukazi eBrazil ngaphambi kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba.
Ungummeli eNkantolo eNkulu eNingizimu Afrika kanti unesipiliyoni seminyaka engu-14 kwezezindiza, kuleli nasemazweni angaphandle.
Phambilini ubesesikhundleni sokuba yiphini likamqondisi eGuarulhos
International Airport, eSo Paulo, eBrazil ngesikhathi kulungiselelwa eyeNdebe
yoMhlaba.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.