Johannesburg – Isicelo esiphuthumayo ebesifakwe yinyunyana yabasebenzi iSolidarity sokuba iSA Police Service (Saps) ixoxisane nabo ngohlelo olusha lwezokulingana, sichithiwe yiNkantolo yezabaSebenzi eGoli ngoMsombuluko, kusho amaphoyisa.
"INkantolo yezabaSebenzi eGoli ikuqinisekisile lokho obekuhlale kushiwo yiSaps: Ukuthi asiphoqelekile ukuba sixoxisane nezinyunyana ezifana neSolidarity ngodaba lokulingana,” kusho uLieutenant-General Solomon Makgale esitatimendeni.
Ukhomishana
wezamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega usamukele isinqumo senkantolo.
Funda nalolu daba: Kukhuthazwa abasebenzi ukuba besule emsebenzini.
"Isenzo seSolidarity sokugijimela ezinkantolo bekungukuchitha isikhathi nje,” usho kanje.
ISolidarity yaya enkantolo ngemuva kokuba ithe uPhiyega akaphendulanga
isicelo sabo ngalolu daba.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.