"Abukho ubufakazi obukhona uma ubuka izikhangisi zale nkampani kumabonakude, obuthi lesi siqubulo simayelana namasheya ezimakethe,” kusho le nhlangano ngoLwesihlanu.
"Siphinde sathola ukuthi ummangali akazange akwazi ukwesekela isiphakamiso sakhe esithi isikhangisi sale nkampani sichaza ukuthi amakhasimende athanda amaWeet-Bix ukuwedlula wonke amanye amaphalishi kuleli.”
ITiger Consumer Brands, nokuyiyona eyafaka lesi sikhalazo, yazwakalisa ukuthi isikhangisi samaWeet-Bix singase sidukise abathengi.
Le nkampani yakhala ngokuthi lokhu akulona iqiniso njengoba kungamaKellogg’s ahamba phambili emaphalishini asekuseni asevele alungele ukudliwa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho