Johannesburg – INingizimu Afrika idinga izisebenzi zomphakathi ezibhekana nezidingo zabantu, kusho iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa ngeSonto.
"Sidinga izisebenzi zomphakathi ezizokonga imali yethu. Sidinga izisebenzi zomphakathi ezingeke ziyintshontshe imali yethu. Sidinga izisebenzi zomphakathi ezingenayo inkohlakalo,” kusho uRamaphosa.
"Umthethosisekelo wethu udinga abantu bonke baseNingizimu Afrika ukuba banakekelwe ngabantu abaqotho futhi abangachemile,” usho kanje.
Ukhulume kanjena ngesikhathi kusungulwa iThusong service centre eMaponya
Mall eSoweto njengoba kuqala inyanga yezisebenzi zikahulumeni.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.