Share

Simiswe emsebenzini isikhulu se-etv

Johannesburg – Kumiswe isikhulu sesiteshi sikamabonakude esizimele i-etv ngezinsolo zokungaziphathi kahle ngokusho kwenkampani iHosken Consolidated Investment (HCI). 

Ngokubika kwe-Channel24 uMarcel Golding umiswe ngokushesha emsebenzini wakhe kanti kulindeleke ukuthi abhekane nokuqondiswa izigwegwe ngokungaziphathi kahle emsebenzini wakhe ngoMsombuluko mhlaka 27 ku-Okthoba.  

Kubikwa ukuthi usezinhlelweni zokukuvimba ukumiswa kwakhe. 

Ngokwesitatimende esikhishwe yiHCI amacala uGolding abekwe wona abucayi kakhulu yingakho kumele abhekane nokuqondiswa izigwegwe. 

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izintatheli ze-etv eSwazini

Ukumiswa kukaGolding kuqhamuka emasontweni ambalwa kumiswe isikhulu esiphezulu se-SABC uLeo Manne.

Ngakolunye uhlangothi uSihlalo weBhodi le SABC uselufake enkantolo udaba lweziqu zakhe njengoba efuna ukuvimbela ikomidi le lePhalamende lingampheki ngemibuzo ukuthi wazithola kuphi futhi kanjani.

I-HCI yinkampani engaphansi kweSabido Investment ephethi i-etv , eNCA Sasani Studios, Platco Digital’s Open View HD (OVHD). 

Le nkampani ayifunanga ukuphawula ngamacala uGolding abhekene nawo njengoba iveze ukuthi izothatha izinyathelo ezifanele ukuvikela isithunzi senkampani nequbekela phambili yayo.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 925 votes
No! It's time to move on ...
33% - 451 votes
Vote
Rand - Dollar
18.82
+1.0%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.12
+1.4%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.3%
Platinum
922.60
-0.3%
Palladium
962.50
-2.8%
Gold
2,337.44
+0.2%
Silver
27.27
-0.6%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE