Johannesburg - ICommunication Workers Union (CWU) isimise isiteleka esidonse izinyanga ezintathu esikhubaze iSA Post Office.
Inyunyana ithe ayigculisekile ngeholo elisha elibekwe etafuleni abasePosini.
Kodwa, ngemuva kokuba ezinye izinyunyana ezimbili zisamukele isivumelwano samaholo nabaseposini, iCWU akukho okunye engakwenza ngaphandle kokubuyela emsebenzini, isho kanje.
Isivumelwano sihlanganisa ukuba abasebenzi banyuselwe amaholo ngo-6.5%
kuphinde kubuyiselwe emsebenzini abasebenzi abangu-588 abaxoshwa.
Funda nalolu daba: Lingase ligcwale umoya kwabasebenza ePosini.
I-CWU esitatimendeni, ngaphambi kokuba ikhulume nabezindaba ngoLwesibili, ithe ayijabule futhi ngokuthi kuzothatha iminyaka iminyaka emibili ngaphambi kokuba abasebenzi betoho baqashwe ngokugcwele, kubika iBusinessReport.
Manje sekubukeka sengathi ukusebenza sekuzobuyela esimeni esijwayelekile eposini.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).