Johannesburg - Sekuqinisekisiwe ukuthi isiphuzo sikaSbusiso 'DJ Sbu' Leope iMofaya asigunyaziwe ngabenkampani enkulu i-SABS.
Lokhu kuvele ngemuva kokuba kubonakale uphawu lwakwa-SABS ekanini olutshengisa ukuthi isiphuzo samukelekile.
AbeBureau bakhiphe isitatimende ngesonto eledlule bethi izinkampani zephula umthetho ngokufaka uphawu olutshengisa ukuthi iziphuzo zigunyaziwe ngaphandle kwezitifiketi ezifanele.
Isikhulu esiphezulu sezitifiketi uFrank Makamo uthe: "Enye yezinkampani enophawu lwaka-SABS yileyo ekhiqiza isiphuzo iMofaya."
Imibiko yabezindaba ithi abeBureau baqinisekise ukuthi isiphuzo sikaDJ Sbu asigunyaziwe kanti uphinde waphula umthetho ngokufaka uphawu esiphuzweni sakhe ngaphandle kokulandela imigudu efanele.
Lokhu kuchaza ukuthi isiphuzo asizange sihlolwe ngakho isitembu sakwa-SABS esikuso singumbombayi.
OLUNYE UDABA: UDJ Sbu uthi naye ufuna ukunxeshezelwa
UDJ Sbu ube esedlulisela abephephandaba iDaily Sun kwisikhulu esiphezulu sesiphuzo uSimphiwe Magubane othe bawathola amaphepha afanele ukuqinisekisa ukuthi inkampani iyahambisana nomthetho.
UDJ Sbu ekhuluma nabe-CNBC Africa uthe: "Ngesikhathi siqala ibingekho imibandela yokugunyaza isiphuzo kodwa lapho okwenziwa khona amabhodlela namakani kufanele kube yifemu egunyazwe ngabakwa-SABS, okuyinkinga esibhekene nayo."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
- Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho